Versuchen GOLD - Frei
Usizi imbawula ibhubhisa ezihlotsheni kuhlatshiwe
Isolezwe
|July 03, 2025
ZISASHAQEKILE izihlobo zabayisikhombisa okuthiwa babhubhiswe wukuhogela intuthu yembawula endlini ebebelele kuyo KwaMnyandu, eMgungundlovu, ngeSonto.
Kuthiwa endaweni yesigameko kushone abayisithupha, kwathi owesikhombisa washonela esibhedlela.
Esinye sezihlobo ezishonelwe kulo mshophi, uMnuz Nkosiphile Zungu, uthe bona bahanjelwe wuMnuz Philasande Zungu (23).
Uthe kwenzeka isigameko nje, ekhaya bekunomcimbi ngoMgqibelo, kuhlatshiwe. Akafunanga ukwanda kabanzi ngokuthi umcimbi bekungowani.
"Emva komcimbi kuhambe ugesi njengenjwayelo. Kwasho ukuthi kumakhaza. Babe sebebasa imbawula, bayibeka emva kwesicabha sendlu ebebelaliswe kuyo," kusho uZungu.
Uthe basola ukuthi balale ivutha ngenxa yamakhaza futhi bezitshela ukuthi baphephile njengoba ibibekwe endaweni engenabungozi.
"Umonakalo ubonwe ubaba wekhaya ekuseni ngeSonto, ebona bengavuki, waze waya kuyo le ndlu, wafike wadudula isicabha," kubeka uZungu.
Uthe ube esezithela phezu kwabayisithupha babo, belele bengasaphefumuli.
"Owesikhombisa kuthiwa ubesaphefumula kodwa kunzima. Uphuthunyiswe esibhedlela kodwa sizwa kuthiwa ubuye washona naye," kusho yena.
Diese Geschichte stammt aus der July 03, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
Ngabe uSenona wuKlebe owumgulukudu?
VELE njengephoyisa elingathembekile iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, emva kokuvela kobufakazi bokuthi wathumela usomabhizinisi osolwa ngobugebengu, uMnuz Vusimuzi \"Cat\" Matlala, imininingwane ebucayi okubalwa kuyo neyamaphoyisa.
2 mins
January 29, 2026
Isolezwe
Owe-Afro pop ukhuthaza abesifazane 'ukuzibika' kwababathandayo
UMCULI we-Afro pop wodumo lwengoma ethi Emlanjeni, uSbahle, usedalule ukuthi ukholelwa ekutheni manje sesiphelile isikhathi sokuthi abantu besifazane bacindezeleke kangangokuthi kube yihlazo ukuthi basho indlela abazizwa ngayo ngabesilisa.
1 min
January 29, 2026
Isolezwe
Imvunge ngokungenisa kwe-Al emculweni
SEKUTHATHA imizuzwana ukwenza ingoma ekulungele ukujatshulelwa ngabantu usebezinzisa ubuchwepheshe be-artificial intelligence (AI), nokuyinto eqhubeka nokuqubula imvunge emkhakheni wezomculo.
2 mins
January 28, 2026
Isolezwe
Basola ekamacashelana umsolwa ezicelela ukuhlolwa inggondo
BAMSOLA ngokuthi uzama ukudlala umacashelana nenkantolo owesilisa waseKoffie Farm, KwaNdengezi, okuvele eyokuthi uzoyohlolwa isimo sengqondo njengoba eboshelwe icala lokubulala umakhelwane.
1 mins
January 28, 2026
Isolezwe
llengelwa yizembe inhloko yoKlebe eKZN 'ebiwubhululu' kaMatlala
ILENGELWA yizembe iNhloko yoKlebe KwaZulu-Natal, uMajor General Lesetja Senona, esolwa ngokuba wubhululu kasomabhizinisi obhekene noxhaxha lwamacala, uMnuz Vusumuzi \"Cat\" Matlala.
1 mins
January 28, 2026
Isolezwe
Kuvela okushaqisayo ngokufa kweqembu lomaskanda
KUVELE okushaqisayo ngokwaholela ekubhidlikeni kweqembu lebhola labaculi bakamaskandi, iMaskandi FC. Ngaphambi kokuba leli qembu libe yinhlakanhlaka kukhona abanukwa ngokuthwala nangokuthwebula izinhlanhla zabanye, abanye babizwa ngaphansi kweziketi zonina, abanye bacishe babambana ngezandla, kwakhona ukufelana ngamathe futhi kwakhonjwana nangezibhamu.
1 mins
January 27, 2026
Isolezwe
OwaseNdlunkulu uqwashiswa yisingumo seNkantolo yoMthethosisekelo
UMNTWANA waseNdlunkulu kaZulu ubona isinqumo seNkantolo yoMthethosisekelo esithinta imishado sizokwenza ukuthi abantu babe manqika ukushada umshado wesintu.
1 min
January 27, 2026
Isolezwe
Basola umuntu owaziwayo kubulawa othandana nabobulili obufana nobakhe
USOLA ukuthi umsolwa wumuntu owaziwayo umndeni wowesilisa obethandana nabantu abanobulili obufana nobakhe, okuthiwa ubulawe ngesihluku eNumber 9, KwaXimba, ngeSonto.
1 mins
January 27, 2026
Isolezwe
Ibandla lakwaShembe liyathimula ngabacela ngezipho eziphezulu
IBANDLA lamaNazaretha, eBuhleni, seligxeke indaba yezinsizwa zebandla ezikhangisa ezinkundleni zokuxhumana izipho eziphezulu ezizithengela izintombi ezizikhetha ngosuku lokugcina lomhlangano kaJanuwari.
1 min
January 27, 2026
Isolezwe
Kukhuzwa ukuyamanisa ukufa nokhozi kushona uNjinji
UPHATHE kabi futhi kwathusa abaningi ukudlula emhlabeni kowayengumsakazi woKhozi FM, uMandla \"Njinji\" Magwaza, othathwe wukugula esibhedlela ngoMgqibelo ekuseni.
2 mins
January 26, 2026
Listen
Translate
Change font size

