Facebook Pixel Sisale silolekile 'isitufuza' samaBhokobhoko | Isolezwe – newspaper – Lesen Sie diese Geschichte auf Magzter.com

Versuchen GOLD - Frei

Sisale silolekile 'isitufuza' samaBhokobhoko

Isolezwe

|

June 30, 2025

UKUBA sekhempini yamaBhokobhoko kusishiye silolekile isithandwa esisha saleli qembu lesizwe, u-Asenathi Ntlabakanye, esidlale isiwombe sokuqala ngesikhathi kuthelwa iBarbarians ngehlazo lika 54-7 koweQatar Cup eCape Town Stadium, eKapa, ngoMgqibelo. Ukondleka ngokomzimba kukaNtlabakanye oneminyaka engu-26 ubudala, kumakhele ugazi kubalandeli ikakhulukazi kwi-Emirates Lions lapho egqame khona waze wathatha iso likaRassie Erusmus opheka amaBhokobhoko.

- MTHOKOZISI MNCUSENI

Yize umdlalo weBarbarians ungabalwa kumarekhodi abadlali njengabawudlalile kumaBhokobhoko kodwa uNtlabakanye utshele abezindaba ngemuva komdlalo ukuthi ukumenywa kukodwa kuyakucacisa ukuthi likhona ikusasa eqenjini lesizwe uma ezoqhubeka nalokhu okuhle akwenzayo kwiLions.

Kunzima ukuziba le nsizwa enesisindo sika-126 kg uma isenkundleni ngoba akujwayelekile ukuthi abadlali abondleke njengayo abadlala phambili bakwazi ukusebenzisa izandla kumbe bagijime nebhola.

WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe

Isolezwe

Bakhathazekile kubulawa isaguga ebesiwusizo

UHLALELE ovalweni umphakathi waseMandeni kulandela ukubulawa ngesihluku kwesalukazi esineminyaka engu-75, uNkk Busisiwe Nokuthula MaMkhwanazi Ngema, okusolwa ukuthi ushaywe wagencwa esemzini wakhe.

time to read

1 min

February 20, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Basematheni oMarawa noThando Thabethe bebonakala ndawonye

ZISEMATHENI izilomo zosaziwayo uRobert \"Madluphuthu\" Marawa noThando Thabethe ngezizathu ezingahlangene nomsebenzi ezaziwa ngawo.

time to read

1 min

February 20, 2026

Isolezwe

Othisha kuthiwa badube ukufundisa bekhala ngamakhamera emakilasini

UPHAZAMISEKE uhlelo lokufunda nokufundisa esikoleni uMkhumbane Secondary, eMayville, eThekwini, ngenxa yesenzo sothisha abawu-20 bakulesi sikole abadube umsebenzi bekhala ngokufakwa kwamakhamera - okusolwa ukuthi afakwe wuthishanhloko wakulesi sikole emagunjini okufundela ukuze kuqine ezokuphepha.

time to read

1 min

February 20, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Umlingisi uphika eyokuthandana nowayengumdlali webhola

UMLINGISI ophinde abe wumculi uNomcebo \"Dot\" Mthethwa usezikhahlele ngazo zombili izindaba zokuthi usothandweni oluvutha amalangabi ngowayengumgadli weKaizer Chiefs neSundowns, uKhama Billiat.

time to read

1 min

February 19, 2026

Isolezwe

Kukhalwa ngesibhedlela

UMNDENI wowesifazane waseGlencoe, ukhomba ngenjumbane ubuholi besibhedlela iDundee Provincial, eDundee, ngobudedengu osola ukuthi buholele ekushoneni kwelungu lawo, uNkk Martha Mlangeni.

time to read

1 mins

February 19, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Owama-piano uxwayisa amantombazane ‘ngamaqili asemadolobheni’

UMCULI wama-piano okwabangaconsi phansi kule ndima, uNobantu Vilakazi usedalule ukuthi ukuzela impilo yasedolobheni ngobuso nokujaha izinto eziza kalula ngenye yezinto ezilimaza abantu besifazane, ikakhulu amantombazane asuke efika edolobheni.

time to read

1 min

February 19, 2026

Isolezwe

Isolezwe

UMakhadzi ululame ngaphambi kwesikhathi ebesilindelekile

ULULAME ngaphambi kwesikhathi abezitshela ukuthi uzolulama ngaso umculi uMakhadzi owalimala engozini yemoto ngoDisemba 31.

time to read

1 min

February 18, 2026

Isolezwe

Isolezwe

Ukulingisa indawo yoMfundisi sekushintshe impilo yowo Zalo

UKULINGISA indawo yokuba wumfundisi sekushintshe nempilo yomlingisi woZalo, uSimphiwe Majozi, othi usemenywa emasontweni futhi usesondelene noNkulunkulu.

time to read

1 mins

February 18, 2026

Isolezwe

Bavele babhocobala begixabezwa odilikajele abasoconga uthishanhloko

INKANTOLO eNkulu yaseMgungundlovu, izolo, ibagixabeze ngodilikajele abesilisa ababili abebethweswe wuMbuso icala lokusoconga uthishomkhulu wasesikoleni sase Hammarsdale, iSikhethuxolo High.

time to read

1 mins

February 18, 2026

Isolezwe

Liyathuthumela ikhansela elisinde lidutshulwa

LIYATHUTHUMELA ikhansela le-EFF kuMasipala waseNewcastle, uNksz Ayanda Mkhwanazi, elisinde lidutshulwa.

time to read

1 min

February 18, 2026

Listen

Translate

Share

-
+

Change font size