Usebancenge baze Bavuma abebemngabaza kumaProteas
Isolezwe
|June 18, 2025
AKULULA ukuziba ubuqhawe nesandla esifakwe wukaputeni wamaProteas, uTemba Bavuma, endleleni yaleli qembu lesizwe ebibheke esicocweni se-ICC Test Championship linqoba kwi-Australia eLords, e-England.
Ngendlela uBavuma (35) adlale kahle ngayo kulo mqhudelwano osongwe ngempelasonto edlule, nabebembona njengokaputeni webala elimnyama kuphela akubuzwa ukuthi sebezombuka ngelinye iso.
Naye uBavuma ngesikhathi ekhuluma nabezindaba ngemuva kokuwina, uthe wethemba ukuthi lokhu kuhlabana kuzomenza abonakale njengomholi nomdlali ohlale ebeka iqembu phambili.
Ngaphandle kokudlala nezinhlungu emidlalweni eminingi kwi-Test Championship, uBavuma uphule amarekhodi njengokuba wukaputeni wokuqala emhlabeni ongobe imidlalo yakhe yokuqala eyisishiyagalolunye kweyishumi ayigijimile.
Indlela kaBavuma ebheke esicongweni ihlukile kuneyabadlali abaholayo kumaProteas kwazise wakhulela elokishini laseKapa (eLanga) edlalala lo mdlalo emgwaqweni.
Diese Geschichte stammt aus der June 18, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

