Ukulahleka kolwazi kwenza abantu badlale abakhohlisi abafuna imali
Isolezwe
|June 10, 2025
SESIKE sakhuluma ngendaba yokungeniswa kwabantu abadala ekhaya kuyona le ngosi, kodwa ngokuthi kunabantu okulokhu kudlalwa ngabo kuthiwa bafakelwe abantu abadala abathandazi, izinyanga nabelaphi sesithi ake siluphinde futhi ukuze abantu bakithi bayiqonde indaba yokungenisa abantu abadala nokubika umuzi.
-
Ayikho into eyokhulula umuntu omnyama ngaphandle kokuba izinhlaka ezikhona zigqugquzele kumbe zifundise isintu namasiko alahlekayo. Uma sisalokhu siqhubeka nokuphila, abantu bezala, izingane zanda lesi sibalo sokukhula kwesizwe sandisa abantu abayohlale belahlekile. Akekho umuntu ongafuni ukuthi uma esemdala agane, aganwe abe nezingane nomuzi wakhe aphile kahle. Inkinga enkulu iqala lapho sekufanele kwenziwe izinto ezithinta lokho kuphila njengokuthenga umuzi, ukuwakha, bese kuthiwa kungeniswa abantu abadala.
Baningi abaziyo uma uthenge umuzi kumbe uwakhile kufanele ungenise abantu abadala kulowo muzi. Kodwa inkinga enkulu ulwazi olwalahleka lokuthi lokhu kwenziwa kanjani, kwenziwe ngubani, okugcina sekwenza kungenelele abakhohlisi abathi bazokwenzela ngoba nabo bengazi kokunye bazi kodwa ngenxa yemali bathi bazokwenza bona.
Sekukaningi eMlambomunye kufike umuntu ezobuza into encana efana nokuthi abantu abadala balandwa kanjani? Abanye baye bathi sebebangenise ngaphezulu kokuhlanu, abanye bathi kuthiwa abekho baphuma bangaphandle. Uma ubuza ukuthi ngubani owabangenisela abantu abadala, kuqhamuke impendulo ethi umthandazi kumbe umelaphi, noma owasesontweni engikhonza kulona.
Abanye babike ukuthi uma bephuma beyobheka izinto ezonakele ekhaya kuthiwe abantu abadala abekho bangaphandle. Uma bethi babangenisa kuthiwe abangenanga. Nxa bebuza ukuthi sizo luni abazoluthola, umelaphi azikhombe yena athi uzobenzela. Okubuhlungu kakhulu ukuthola umuzi wakini enizalelwe kuwona nakhulela kuwona, sekuthiwa ngenisani abantu abadala ngoba abafakwanga, okuyinhlamba enkulu.
Uma sebengeniswa kuningi nakhona okwenziwayo okuliphutha. Kukhona abathi babalanda entabeni, abanye ababalande olwandle, abanye emathuneni - ugcine ungasazi ukuthi yikhona kuyikuphi ngempela.
Diese Geschichte stammt aus der June 10, 2025-Ausgabe von Isolezwe.
Abonnieren Sie Magzter GOLD, um auf Tausende kuratierter Premium-Geschichten und über 9.000 Zeitschriften und Zeitungen zuzugreifen.
Sie sind bereits Abonnent? Anmelden
WEITERE GESCHICHTEN VON Isolezwe
Isolezwe
Kuthathwe nowesifazane oyophonswa imibuzo ngokufa kukaWarras
U-DJ Warras obephethe inkampani yonogada iJT VIP: Elite Guarding & VIP Protection Services kuvela ukuthi ubeyisebenzisa ngokuzimela ukuze ivikele amabhilidi ahlukene, engaqashiwe uhulumeni waseGoli.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
U-DJ Sox usewugodlela unyaka ozayo umculo omusha
UMAKADEBONA kaDJ, uMbusi \"DJ Sox\" Sokhela uthi ukuxinwa ngeminye yemisebenzi kumenze washaywa yisikhathi ekukhipheni umculo omusha.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Isexwayiso ngesimo sezulu esibi ngoKhisimusi nangoNcibijane
ABE-SOUTH African Weather Service (SAWS), izangoma zezulu, bakhiphe isexwayiso ngesimo sezulu esingase sidale izinkinga ngesikhathi samaholidi kaKhisimusi noNcibijane.
1 min
December 19, 2025
Isolezwe
Bakhungathekile bethola isidumbu sowomndeni ezimobeni
UKHUNGATHEKILE umndeni wowesilisa waseXobho, okutholakale isidumbu sakhe sinamanxeba emobeni ngoLwesithathu.
1 mins
December 19, 2025
Isolezwe
Unina kamsolwa 'ubalekise' ofakazi kwelokudlwengulwa kwengane
USOLWA ngokubalekisa ofakazi bengakazibhalisi izitatimende unina womfana okuthiwa udlwengule ingane yentombazane eGroutville, KwaDukuza, ngoMgqibelo.
2 mins
December 18, 2025
Isolezwe
'UWarras ubezigqaja ngobuZulu efuna umaskandi kwiGagasi'
USAZIWAYO osanda kubulawa ngokudutshulwa eGoli, ngoLwesibili, uWarrick \"DJ Warras\" Stock, uchazwe njengomuntu obezigqaja kakhulu ngokuba wumZulu.
1 min
December 18, 2025
Isolezwe
ULasizwe uphumele obala ngokuba nokhwantalala
UMETHULI wezinhlelo uLasizwe Dambuza usedalule ukuthi uphethwe wukhwantalala aselusukumele ngokuthi ayochitha amasonto ambalwa azayo nongoti bezengqondo.
1 min
December 17, 2025
Isolezwe
Umsindo ngokwehla kwezinga lamaSama
BANINGI osaziwayo abaphoxekile ngomqhudelwano wezindondo obubanjelwe eGallagher Convention Centre, eGoli, ngoMgqibelo, amaSouth African Music Awards (Samas).
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Kubulawe okuthiwa ubeqoqa ngodli imali emphakathini
UDUTSHULWE wafa owesilisa waseMzimkhulu, okuvela ukuthi ubekade ewuhlalise lubhojozi umphakathi wakule ndawo ewukhokhisa o-R50 njalo uma kuphela inyanga.
1 mins
December 17, 2025
Isolezwe
Izinsolo zokungaziphathi kahle kogwaze isoka lafa
KUSOLWA ukungaziphathi kahle kowesifazane okuthiwa ugwaze isoka lakhe lafa eCato Crest, eMayville, ngoLwesihlanu.
1 mins
December 17, 2025
Listen
Translate
Change font size

