يحاول ذهب - حر
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
January 07, 2026
|Isolezwe
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
-
Kulesi sigameko, okuthiwa senzeke ekhaya, kufe uNkk Zethu Mzelemu, kwaphinde kwalimala umzukulu wakhe, okuthiwa udubuleke ehlombe.
Ngokusho kwesihlobo, uMnuz Zenzele Mzelemu, umsolwa (32) ongumshana kumufi, ubevele engamhlalisile kahle umufi kulandela ukufa komyeni wakhe (ongumalume kumsolwa) ngo-2022.
"Abebesondelene nomufi bathi umshana ubehlala ahlale amxakazise, athi ufuna ifa alinikwa umalume wakhe ngaphambi kokuba ashone," kusho uMzelemu.
Elandisa uthe kulona kukhona izindlu zemiqasho, izinkomo kanjalo nomuzi obekuhlala kuwo laba ababeganene, nokuyiwo agcine ebulalela kuwo umufi.
Uthe abakhumbuli ikhona incwadi yefa eyayicacisa obekushiwo umsolwa futhi akekho nokhumbulayo umyeni kamufi ethi umsolwa akonikezwa lezi zinto esikhundleni sokuthi zithathwe umkakhe.
"Yinto esingazi ukuthi iyinkulumo eqhamukaphi," usho kanje.
Uqhube wathi kwenzeka isigameko nje, bese kunesikhashana umsolwa eviliyela ngesibhamu egcekeni, njengoba naye ebehlala kuwo lo muzi, esabisa ngokuthi yena "uzodubula umuntu".
هذه القصة من طبعة January 07, 2026 من Isolezwe.
اشترك في Magzter GOLD للوصول إلى آلاف القصص المتميزة المنسقة، وأكثر من 9000 مجلة وصحيفة.
هل أنت مشترك بالفعل؟ تسجيل الدخول
المزيد من القصص من Isolezwe
Isolezwe
Indida ngengezamuzi ngengane 'edlwenguliwe'
UDIDEKILE umndeni wengane okuthiwa idlwengulwe enye eGroutville, KwaDukuza, umndeni kamsolwa okuthiwa ucela ukukhipha isamba semali esihambisana nenkomo nembuzi ngesigameko.
2 mins
January 09, 2026
Isolezwe
OweThonga noMbekezeli baqokwe kowezindondo
UMLINGISI onguMbali Dladla kwiThonga, uNoluthando Ngema, udalule ukuthi akubanga lula kuye ukufika kuleli zinga asekulo emkhakheni wokulingisa.
1 mins
January 09, 2026
Isolezwe
Isexwayiso ngamathikithi e-All White Party eMax's Lifestyle
ABAZOHAMBELA i-5th All White Day Party eMax's Lifestyle eMlaza kusasa, sebedonswe ngendlebe ukuba baqikelele ukuthi amathikithi abanawo abawathenge eWebtickets kuphela hhayi kwesinye isikhungo noma isitolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Bebefuna ngodli imali yokuvikela abathelwe othulini amaphoyisa
BEBEHLALISE umphakathi lubhojozi, bewukhokhisa imali yokuvikela njalo ngesonto abayisihlanu abathelwe othulini amaphoyisa e-Area 10, KwaBester, eThekwini, izolo.
1 min
January 09, 2026
Isolezwe
Kuduma amakhanda kubulawa othandana nabanobulili obufana nobakhe
UMELWE yingqondo umndeni wowesifazane othandana nabantu abanobulili obufana nobakhe kulandela ukutholwa kwesidumbu sakhe sesonakele ekotishi lowesilisa osagcwele amathafa eZakhiweni, ePort Shepstone.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Indodana (2) kamaskanda nedumela ebantwini ngokulingisela uyise
INDODANA kaSaliwa, ongomunye wabaculi bakamaskandi abangaconsi kule ndima, isizakhele ugazi ebantwini ikakhulu kwabasebenzisa izinkundla zokuxhumana - ngama-vidiyo afakwa wuyise nabomndeni wakhe, lapho bekhombisa khona uthando lwayo lwesintu nokunye okuhambisana nakho, ilingisela uyise ngokukwenza.
1 min
January 08, 2026
Isolezwe
Kuxwayiswa abalandeli ngokunakashela kubaculi
ABALANDELI kumele bayibheke into abayisho kosaziwayo ngoba kuyezwela kubo
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Kusolwa abangani ngokufa kowesifazane obeye emcimbini
UYATHIMULA umndeni wowesifazane waseMandeni, otholakale eseshonile otshanini kade ephume nabangani kukuhle kuyiwa emcimbini obungeSonto.
1 mins
January 08, 2026
Isolezwe
Ukhiphe isidumbu umbango wefa
KUTHIWA ubefuna ngodli ifa likamalume wakhe okuthiwa udubule wabulala umalumekazi eBhukhanana, eMpangeni, ngoLwesihlanu.
2 mins
January 07, 2026
Isolezwe
Sekuqoqwe ngaphezu kuka-R150 000 esikhwameni samadodana kaDJ Warras
KUSAQOQWE u-15% ka-R1 million okuhloswe ukuthi ufakwe esikhwameni sokusiza izingane ezintathu zikaWarrick \"DJ Warras\" Stock odutshulwe wabulawa eGoli maphakathi nenyanga edlule.
1 min
January 07, 2026
Listen
Translate
Change font size
