Newspaper
Isolezwe ngoMqibelo
Umfanyana uzakhele udumo ngama-video omgwabo waseZayoni
EBHAYIBHELINI encwadini yeZaga zeNkosi uSolomoni zesi-22 evesini lesithupha, kufundeka kanjena: \"Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe; kuyakuthi lapho esekhulule, angasuki kuyo.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Inhlansi yesambulo esisha kuqokwa amakomiti amakhosi
UMNYANGO wokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natal usungule uhlelo lwamakomiti okusebenza kwamakhosi ukuqinisekisa ukuthi abamba iqhaza ezinhlakeni zokuthuthukiswa kwesizwe.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Yonga imali; iziqumama nazo ziqale kanjalo
UKUBA yisiqumama esinezigidi zamarandi ebhange kungabukeka kuyinto enzima ukuthi yenzeke kunoma wubani, kodwa ukonga yinto engenzima kakhulu uma uzibophezela ukuqala ukonga imali yakho.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
I-Unilever ishintshe umshovo yethula iFuture Menus 2025
I-UNILEVER Food Solutions (UFS) yethule uhlelo lwabo olusha olwaziwa nge-Future Menu 2025 Vol. 3 ngochungechunge olunombukiso wezokupheka emahhovisi abo aseLa Lucia, eThekwini, ngoLwesine.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Kusongwe uhhafu wonyaka siphezulu esokuthengwa kwezintsha
WEHLA kwenzalo yemalimboleko ngoSepthemba wonyaka odlule ngezinye zezinto okubukeka zibe nomthelela ekutheni sinyuke isibalo sokuthengwa kwezimoto ezintsha ngohhafu wokuqala wonyaka.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
USanele Mchunu ozobe ememezela amahhashi ngesiZulu namhlanje
UMA kukhulunywa ngezingqalabutho zabantu abamnyama kuleli nasemhlabeni jikelele, ngeke lasala ngaphandle igama lensizwa edabuka eMpophomeni, eHowick, uSanele Mchunu.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Bakhala ngokukweleta omashonisa abaweSasol kuhoxa abaxhasi
ABAPHATHI bamaqembu adlala kwiSafa KwaZulu-Natal Sasol League sebezwakalise ukushaqeka nokukhathazeka ngokuvela kwezindaba zokuphela kwesivumelwano sabaxhasi bale ligi, iSasol, neSafa phezu kokuba besakweletwa izishaqane zemali yile nhlangano ephethe ibhola.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
BAZISHOLO BONA
\"NGIPHINDE ngafonelwa wumshana wami komunye umuzi wakithi ethi kufike imoto eyi-Almera. Uthe kwehle abantu ababili, kwathi abanye basala emotweni. Uthe bafike bangibuza maqede, wathi angikho, bathi 'ngiyohamba ngisinda,\" kusho uNgizwe Mchunu esola iNkatha ngokufuna ukumenzakalisa.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Ishayisa ngovalo eyokushadela emndenini ongangifuni
MAGUMEDE kubo kwendoda yami abangifuni nalapho nginyathele khona, angisazi isizathu futhi nginovalo lokuthi uma kwenzeka ngishada ngiyobhekana kanjani nalesi simo? Ngicela izeluleko ntombi.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Umgubho weminyaka engu-30 wamaWeseli eNatal Coastal
IGUBHEE ukuhlanganisa iminyaka engu-30 yasungulwa esiFundeni iNatal Coastal inhlangano yabashumayeli bebandla lama Weseli ebizwa ngokuthi yiLocal Preachers Association. Lokhu kwenzeke enkonzweni enkulu yale nhlangano ebisesakhiweni saleli bandla esisePinetown entshonalanga yeTheku.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Ukhwantalala lungadala ukozela nokuvukelwa emsebenzini
CHA, namhlanje ngithi ake ngikhulume ngenkinga eseyandile nokuvela ukuthi isingamahlalakhona ebantwini abaningi abasuke besemsebenzini. Lapha ngikhuluma ngokuvele wozele, bese uyalala usemsebenzini, kuphinde kube ukuvukelwa, isifiso socansi size mawala.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
UGandaganda useyingqalabutho emculweni kamaskandi
IZE enonyaka esemculweni kodwa uNtethelelo \"Gandaganda\" Sikhakhane useqophe umlando ngokuba wumculi wokuqala wesifazane onengoma esilalelwe amahlandla angaphezu kuka-9.2 million kuYouTube esihloko sithi Halala.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Bayalethemba abaqeqeshi elivikela isicoco seDurban July
LIKHULU ithemba lokuthi ihhashi eladla umhlanganiso kwiHollywoodbets Durban July ngonyaka odlule, u-Oriental Charm, angaphinde akhonye kulo mjaho namuhla ngokusho kwabaqeqeshi baleli hhashi.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
OwePirates uvuma eyendlala yezicoco nengcindezi
AKABASOLI abanemibuzo ngokuqokwa kwakhe umqeqeshi omusha we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, kodwa unethemba lokuthi uzoyiqeda naleli qembu indlala yezicoco.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Isililo emphakathini waseMariannhill kucishwa kuphindelelwa ugesi
AMALUNGU omphakathi wakuwadi 15, eMariannhill, athi sekuyimpilo aseyijwayele ukuhamba kukagesi osekunesikhathi eside kwenzeka. Imiphakathi ephazamisekile iTshelimnyama, iMpola neDassenhoek naseKukhanyeni.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Ukopha emva kokuxubha kuyinkomba yenkinga ezinsinini
KUNGENZEKA ukuthi uma uqeda ukuxubha amazinyo akho, kuthi lapho usuphimisela udoti ngaphandle, amanzi anodoti aphume negazi, kuthi ngokunganaki nje - umane ushiye kanjalo ngoba uzitshela ukuthi yisiwombe noma yinto engatheni.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
UDavids ulinde abaphathi ngekusasa lakhe kwiSimba
ULINDE izinqumo ezizokwenziwa ngemuva kwezingxoxo azoba nazo nabaphathi beSimba SC okuyizona ezizocacisa ngekusasa lakhe kuleli qembu umqeqeshi wakuleli, uFadlu Davids.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
AmaProteas asabheke abasha kowesibili weTest neZimbabwe
USALINDELE ukuthi abadlali abasha baphinde bazibonakalise emdlalweni wesibili weTest neZimbabwe umqeqeshi weqembu lesizwe lekhilikithi labesilisa, uShukri Conrad.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Ushinge waze wachapha noNkulunkulu ngenhlamba
UGQIZILE KhanyIle wumculi kamaskandi odabuka endaweni yaKwaCholwane, eNkandla. Waqala ukuqapheleka ukuthi unekhono ngesikhathi epikwe wuzakwabo uSaliwa Ndunakazi engomeni ethi Suka Sishimane.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Uyaqala umshikashika we-Wafcon eMorocco
UZOQALA ngomdlalo oshisayo namuhla ebusuku umqhudelwano omkhulukazi webhola labesifazane kwizwekazi i-Afrika, iWomen's Africa Cup of Nations (Wafcon).
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Kumele ucophelele uma kuza emabhethrini emoto
EZINSUKWINI ezedlule omunye umfo esiphila naye ubehamba efuna ibhethri entsha yemoto yakhe ngoba anayo isiqala ukumhlupha.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Abadlali bebhola bayizigqila zesimanje
KUBANTU baseNingizimu Afrika asebekhulile bayabazi ubugqila ukuthi buyinto enjani ngenkathi abelungu besakhomba ngophakathi.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Indali yamagembu ixova umlando
UKUDAYISWA kwakamuva kweSuperSport United kusho ukuthi luyaqhubeka nokukhula uhlu Iwamaqembu anomlando esigabeni esiphezulu sebhola laseNingizimu Afrika asenyamalele.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Ilahlisa ithemba ngendlela imfundo yethu ehleleke ngayo
AMATHEMBA okuthi sogcina siyizuzile inkululeko ephelele ezweni lethu ancipha nsukuzonke. Umonakalo owadalwa yizinhloso zabasunguli bobandlululo abafana noDokotela Hendrik Verwoerd, kubonakala izingcweti zemfundo zihluleka ukulwa nazo ekuqhubekeni ukudala umonakalo.
3 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Umlilo we-DA usishiya sizibuza ngekusasa lohulumeni
QEMBU iDemocratic Alliance seliphinde lazivivinya amandla alo kulo hulumeni wokubambisana obusa manje. Leli qembu elingelesibili ngobukhulu ngamavoti, livuke umbhejazane emva kokuxoshwa koyiphini likangqongqoshe wezoHwebo, iziMboni noBukhali boMnotho ovela ku-DA, uMnuz Andrew Whittfield.
2 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Usuka kude neqembu owe-Orbit oseyiholele eKhenana
AKANAVALO ngesikhundla sakhe sokuqeqesha ololonga i-Orbit College FC, uPogiso Makhoye, osanda kukhuphulela leli qembu esigabeni seBetway Premiership eyisusa kwiMotsepe Foundation Championship.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Injini kadizili ekwiGWM Tank 300 iyifaka khaxa embangweni
NGESIKHATHI kwaGWM bethula iTank 300 eNingizimu Afrika ngonyaka odlule, esinye sezikhalo ngayo kwaba yinjini yayo ethanda ukuwomela mawala uphethroli.
2 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Ukushayela ngokucophelela makube seqhulwini
USUKU lweHollywoodbets Durban July (HDJ) akungatshazwa ukuthi luzochamusela isiminyaminya sezimoto emgwaqweni eyakhele idolobha iTheku.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
Kuqopheke umlando kumaLuthela ngowesifazane esikhundleni esiphezulu
KUQOPHEKE umlando kwavuleka isahluko esisha ebandleni lamaLuthela kwisiFundabhishobhi iSouth Eastern ngesikhathi kuqokwa owesifazane wokuqala ukuba yiPhini likaMbhishobhi.
1 min |
July 05, 2025
Isolezwe ngoMqibelo
OwamaBhokobhoko ugcizelele eyokuhlonipha i-Italy
UMDLALI waphambili wamaBhokobhoko, uBongi Mbonambi, ufunge wagomela ukuthi ngeke bayibukele phansi i-Italy namuhla ntambama ukuze bagweme okwenzeka ngo-2016.
1 min |